Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana, kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo, kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.