4. Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.
5. “Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla, kanjalo esinye sezikhulu zayo, yebo, sibe namandla kunayo, sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu.
6. Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana, kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo, kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.
7. “Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, ahlule.
8. Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.
9. Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.
10. Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.