U-Isaya 61:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,ngokuba uJehova ungigcobileukuba ngishumayele izindaba ezinhlekwabathotshisiweyo;ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwanokuvulelwa kweziboshwa itilongo,

2. ngimemezele umnyaka womusa kaJehovanosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu,ngiduduze bonke abalilayo,

3. ngenze ukuba abalilayo eSiyonibaphiwe amaqhele esikhundleni somlotha,amafutha enjabulo esikhundleni sokulila,ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo,ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunganokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.

4. Bayakwakha izincithakalo ezindala,bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala,balungise imizi ebhujisiweyo,izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.

5. Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu,abafokazi babe ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu.

6. Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova,niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu;niyakudla imfuyo yezizwe,nizibonge ngodumo lwazo.

7. Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo;abadumeleyo,ukujabula kuyakuba yisabelo sabo;ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo,intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.

U-Isaya 61