U-Isaya 60:9-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Iziqhingi ziyangihlalela,imikhumbi yaseTharishishi kuqala,ukuletha amadodana akho evela kude,enesiliva negolide lawokulo igama likaJehova uNkulunkulu wakhonakoNgcwele ka-Israyeli,ngokuba uyakudumisa.

10. “Abezizwe bayakuzakha izingange zakho,amakhosi abo akukhonze;noma ngakushaya ngentukuthelo yami,sengiyakuhawukela ngomusa wami.

11. Amasango akho ayakuvuleka njalo,awayikuvalwa imini nobusuku,ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe,amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

12. Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela;yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.

13. “Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe,umsayipuresi,* nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele,ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.

14. Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile,nabo bonke abakudelelayo bayakukhothamangasematheni ezinyawo zakho,bakubize ngokuthi uMuzi kaJehovaneSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.

15. “Esikhundleni sokuba ushiywe, uzondwe,kungabe kusabakho muntu odabulayo,ngiyakwenza isivunulo esiphakadenentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.

16. Uyakuncela ubisi lwezizwe,uncele namabele amakhosi;uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho,noMhlengi wakho,uMninimandla kaJakobe.

17. Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide,nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva;esikhundleni somuthi ithusi,nasesikhundleni samatshe insimbi,ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho,nokulunga kube ngababusi bakho.

18. Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho,nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho,kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso,namasango akho ngokuthi iNdumiso.

19. Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini,nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku;uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

20. Ilanga lakho alisayikushona,nenyanga yakho ayisayikuncipha,ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

U-Isaya 60