U-Isaya 60:5-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Khona uyakubona, ukhazimule;inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke,ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe,nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.

6. Ubuningi bamakamela buyakukusibekela,amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa;bonke abaseSheba bayakuza,balethe igolide nenhlaka,bamemezele izindumiso zikaJehova.

7. Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,ngiyidumise indlu yodumo lwami.

8. “Ngobani laba abandiza njengefu,nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?

9. Iziqhingi ziyangihlalela,imikhumbi yaseTharishishi kuqala,ukuletha amadodana akho evela kude,enesiliva negolide lawokulo igama likaJehova uNkulunkulu wakhonakoNgcwele ka-Israyeli,ngokuba uyakudumisa.

10. “Abezizwe bayakuzakha izingange zakho,amakhosi abo akukhonze;noma ngakushaya ngentukuthelo yami,sengiyakuhawukela ngomusa wami.

11. Amasango akho ayakuvuleka njalo,awayikuvalwa imini nobusuku,ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe,amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

12. Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela;yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.

13. “Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe,umsayipuresi,* nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele,ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.

14. Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile,nabo bonke abakudelelayo bayakukhothamangasematheni ezinyawo zakho,bakubize ngokuthi uMuzi kaJehovaneSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.

15. “Esikhundleni sokuba ushiywe, uzondwe,kungabe kusabakho muntu odabulayo,ngiyakwenza isivunulo esiphakadenentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.

16. Uyakuncela ubisi lwezizwe,uncele namabele amakhosi;uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho,noMhlengi wakho,uMninimandla kaJakobe.

U-Isaya 60