2. Ngokuba bheka,ubumnyama buyasibekela umhlaba,nesigayegaye abantu;kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho,nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.
3. Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho,namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.
4. “Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone;babuthana bonke, beza kuwe;amadodana akho ayakuvela kude,namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.
5. Khona uyakubona, ukhazimule;inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke,ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe,nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.
6. Ubuningi bamakamela buyakukusibekela,amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa;bonke abaseSheba bayakuza,balethe igolide nenhlaka,bamemezele izindumiso zikaJehova.
7. Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,ngiyidumise indlu yodumo lwami.
8. “Ngobani laba abandiza njengefu,nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?
9. Iziqhingi ziyangihlalela,imikhumbi yaseTharishishi kuqala,ukuletha amadodana akho evela kude,enesiliva negolide lawokulo igama likaJehova uNkulunkulu wakhonakoNgcwele ka-Israyeli,ngokuba uyakudumisa.
10. “Abezizwe bayakuzakha izingange zakho,amakhosi abo akukhonze;noma ngakushaya ngentukuthelo yami,sengiyakuhawukela ngomusa wami.