1. “Vuka ukhanye,ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.
2. Ngokuba bheka,ubumnyama buyasibekela umhlaba,nesigayegaye abantu;kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho,nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.
3. Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho,namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.
4. “Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone;babuthana bonke, beza kuwe;amadodana akho ayakuvela kude,namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.
5. Khona uyakubona, ukhazimule;inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke,ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe,nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.
6. Ubuningi bamakamela buyakukusibekela,amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa;bonke abaseSheba bayakuza,balethe igolide nenhlaka,bamemezele izindumiso zikaJehova.
7. Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,ngiyidumise indlu yodumo lwami.