U-Isaya 59:11-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Siyagwavuma sonke njengamabhere,*siyalilisela nokulilisela njengamajuba;silindela ukwahlulela, kepha akukho,nokusindiswa, kepha kukude nathi.

12. Ngokuba iziphambeko zethuzandile phambi kwakho,nezono zethu ziyafakaza ngathi;ngokuba iziphambeko zethu zikithi,nokona kwethu siyakwazi:

13. ukuphambuka nokumphika uJehova,nokumhlubuka uNkulunkulu wethu,nokukhuluma ukucindezela nokwambuka,nokucabanga nokukhuluma amazwi amangaaphuma enhliziyweni.

14. Ukwahlulela kubuyiselwa emuva,nokulunga kumi kude,ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini,nobuqotho abunakungena.

15. Iqiniso lisilele;osuka ebubini uzenza impango;uJehova wakubona lokho,kwaba kubi emehlweni akheukuthi ukwahlulela akukho.

16. Wabona ukuthi akukho muntu,wamangala ukuthi wayengekho omelayo;yayisimsindisa ingalo yakhe,nokulunga kwakhe kwamphasa.

17. Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi,nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe;wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha,wazembesa ukushisekela njengengubo.

18. Njengokwenza kwabo,kanjalo uyakubaphindisela:ukufutheka kuzo izitha zakhe,nokwenza kwabo kwabamelene naye,abuyisele eziqhingini izenzo zazo.

19. Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga,nenkazimulo yakhe empumalanga,ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo,oqhutshwa ngumoya kaJehova.

20. “Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi,nakulabo abakwaJakobe ababuya eziphambekweni,”usho uJehova.

21. “Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo,” usho uJehova, “sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,” usho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”

U-Isaya 59