U-Isaya 50:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngiyembathisa amazulu ubumnyama,ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo.”

4. INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundiukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo;ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihlaukuba ngizwe njengabafundi.

5. INkosi uJehova iyivulile indlebe yami,mina angihlubukanga,angihlehlanga nyovane.

6. Nganika abashayi umhlane,nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu;angibusithelisanga ubuso bamiekuhlazisweni nasekufelweni amathe.

7. Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza;ngalokho angijabhanga,ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha;ngiyazi ukuthi angiyikujabha.

8. Ongithethayo useduze;ngubani ongamelana nami na?Masivuke kanyekanye;ngubani omangalelana nami na?Makasondele kimi.

9. Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza;ngubani oyakungilahla na?Bheka, bonke bayakuguga njengengubo,badliwe njengezinundu.

10. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova?Makalilalele izwi lenceku yakheehambile ebumnyameni,ethembile egameni likaJehova,noma ingenakukhanya,yencika kuNkulunkulu wakhe.

11. Bhekani nina nonke eniphemba umlilo,enibhinca izikhuni,manihambe ekukhanyeni komlilo wenunaphakathi kwezikhuni eniziphembileyo.Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvelaesandleni sami;niyakulala phansi ngobuhlungu.

U-Isaya 50