U-Isaya 50:2-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Ngalokho ekufikeni kwamikwaba ngani ukuba kungabikho muntu,nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na?Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa,ukuze singahlengi na?Noma angisenamandla okophula na?Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle,ngenze imifula ibe yihlane;izinhlanzi zalo ziyanuka,ngokuba awakho amanzi,ziyafa ukoma.

3. Ngiyembathisa amazulu ubumnyama,ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo.”

4. INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundiukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo;ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihlaukuba ngizwe njengabafundi.

5. INkosi uJehova iyivulile indlebe yami,mina angihlubukanga,angihlehlanga nyovane.

6. Nganika abashayi umhlane,nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu;angibusithelisanga ubuso bamiekuhlazisweni nasekufelweni amathe.

U-Isaya 50