8. Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu,besondeza insimu nensimu,kuze kungabe kusaba khona indawo,kwakhe nina nodwa emhlabeni!
9. UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami:“Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo,nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.
10. Ngokuba ama-eka* ayishumi esiviniayakuthela ibhati* elilodwa,nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”
11. Wo kubona abavuka ekuseni,ukuze balandele uphuzo olunamandla,balibale kuze kuhlwe,bashe iwayini!
12. Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle,newayinikukhona emadilini abo,kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova,nezenzo zezandla zakhe abaziboni.
13. Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi,nabadumileyo babo bayalamba,nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.
14. Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo,yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo;kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo,kanye nabajabulayo phakathi kwabo.
15. Abantu bayafoliswa,namadoda ayathotshiswa,namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,
16. kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni,uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.
17. Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo,nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.
18. Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga,nezono kungathi ngamagoda ezinqola,
19. abasho ukuthi: “Makaphuthume,asheshise umsebenzi wakhe ukuba siwubone,kusondele isiluleko soNgcwele ka-Israyeli,sifike ukuba sisazi!”
20. Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle,nokuhle ukuthi kungububi,ababeka ubumnyama bube ngukukhanya,nokukhanya kube ngubumnyama,babeke nokubabayo kube ngubumtoti,nobumtoti bube ngokubabayo!
21. Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abonabaqondile ekuboneni kwabo!
22. Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayininamadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,
23. abathetha ababi ngenxa yemivuzo,basuse ukulunga kwabalungileyo!