U-Isaya 5:3-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. “Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda,ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.

4. Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na?Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,saveza izithelo zasendle, na?

5. Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami:ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe,ngidilize ugange lwaso,ukuze sinyathelwe.

6. Ngiyakusenza sibe yincithakalo;asiyikuthenwa, asiyikulinywa,kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva;futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”

7. Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli,namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo;wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela,yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.

8. Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu,besondeza insimu nensimu,kuze kungabe kusaba khona indawo,kwakhe nina nodwa emhlabeni!

9. UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami:“Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo,nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

10. Ngokuba ama-eka* ayishumi esiviniayakuthela ibhati* elilodwa,nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”

11. Wo kubona abavuka ekuseni,ukuze balandele uphuzo olunamandla,balibale kuze kuhlwe,bashe iwayini!

12. Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle,newayinikukhona emadilini abo,kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova,nezenzo zezandla zakhe abaziboni.

13. Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi,nabadumileyo babo bayalamba,nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.

14. Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo,yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo;kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo,kanye nabajabulayo phakathi kwabo.

U-Isaya 5