14. Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo,yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo;kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo,kanye nabajabulayo phakathi kwabo.
15. Abantu bayafoliswa,namadoda ayathotshiswa,namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,
16. kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni,uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.
17. Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo,nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.
18. Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga,nezono kungathi ngamagoda ezinqola,
19. abasho ukuthi: “Makaphuthume,asheshise umsebenzi wakhe ukuba siwubone,kusondele isiluleko soNgcwele ka-Israyeli,sifike ukuba sisazi!”
20. Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle,nokuhle ukuthi kungububi,ababeka ubumnyama bube ngukukhanya,nokukhanya kube ngubumnyama,babeke nokubabayo kube ngubumtoti,nobumtoti bube ngokubabayo!
21. Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abonabaqondile ekuboneni kwabo!
22. Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayininamadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,
23. abathetha ababi ngenxa yemivuzo,basuse ukulunga kwabalungileyo!
24. Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi,nezikhotha ezomileyo zizika elangabini,impande yabo iyakuba njengokubola,nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu,ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti,balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.
25. Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe;welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya;izintaba ziyathuthumela,nezidumbu zabo ziyimfucumfucuphakathi ezitaladini;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.