19. “Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyizenezwe lakho eliqothuliweyokuyakuminyana ngabakhileyo khona,nabakugwinyileyo bayakuba kude.
20. Abantwana bokusweziselwa kwakhobasayakusho ezindlebeni zakho ukuthi:Indawo ingumcingo kimi;sukani kimi ukuba ngihlale.
21. Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi:‘Ngubani ongizalele laba,lokhu ngaphuciwe abantwana bami,ngingenalutho,ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na?Ngubani okhulise laba na?Bheka, ngasala ngedwa;laba babephi na?’ ”
22. Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami,ngimisele abantu ibhanela* lami;bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo,namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.
23. Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho,namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho;bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi,bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;uyakwazi ukuthi nginguJehova,abethemba kimi abayikujabha.”
24. Impango ingasuswa kuwo amaqhawe,nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?
25. Noma kunjalo, uJehova uthi:“Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa,nempango yabacindezeli iyakophulwa,kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe,ngisindise abantwana bakho.