1. UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama;izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo;enibathweleyo bangumthwalo,banzima ezilwaneni eziyethileyo.
2. Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye,azinakuwukhulula umthwalo;nabo uqobo baya ekuthunjweni.
3. “Ngilalele wena ndlu kaJakobe,yonke insali yendlu yakwa-Israyeliengiyithwesiweyo kwasesiswini,yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.
4. Noze niguge, nginguye,yebo, noze nibe yizimpunga,ngiyakunithwala;ngikwenzile lokhu,futhi ngiyakunetshatha,yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
5. “Niyakungifanisa,ningilinganise nobani,ningiqathanise nobani ukuba sifanane na?
6. Abathulula igolide esikhwameni yini,balinganise isiliva esilinganisweni,baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu,bese bekhothama, bakhuleke, na?
7. Bamthwala ehlombe, bametshathe,bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona,angabe esasuka endaweni yakhe;kepha uma umuntu ekhala kuye,akayikumphendula,angamsindisi osizini lwakhe.
8. “Khumbulani lokhu, nime niqinile,nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.
9. Khumbulani izinto zakuqala zamandulo,ngokuba nginguNkulunkulu,akakho omunye,yebo, nginguNkulunkulu,akakho onjengami,