U-Isaya 42:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Usho kanje uNkulunkulu uJehovaowadala izulu, waleneka,nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo,nowanika abantu abakuwo ukuphefumulanomoya kwabahamba kuwo, uthi:

6. “Mina Jehova ngikubizile ngokulunga,ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine,ngikubeke ube yisivumelwano sabantunokukhanya kwabezizwe,

7. ukuze uvule amehlo ezimpumputhe,ukhiphe iziboshwa etilongweninabahlezi ebumnyameni etilongweni.

8. “NginguJehova; yilo igama lami;angiyikunika omunye inkazimulo yami,nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.

9. Izinto zakuqala zifikile,sengimemezela izinto ezintsha;zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”

10. Mhubeleni uJehova ihubo elisha,nodumo lwakhe,kusukela emikhawulweni yomhlaba,nina enehlela elwandle nakho konke okukulo,nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.

11. Ihlane nemizi yalo makujabulenemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari,bahube abakhile emadwaleni,benanele beseziqongweni zezintaba.

12. Mabanike uJehova udumo,bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.

13. UJehova uyaphuma njengeqhawe;njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe;uyakhala, yebo, uyabangalasa,enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.

14. “Sekuyisikhathi eside ngithulile,ngathula ngazibamba;sengiyakukhala njengobelethayo,ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.

15. Ngiyakwenza ize izintaba namagquma,ngomise yonke imifino yawo,ngenze imifula ibe yiziqhingi,ngenze amachibi ukuba ashe.

U-Isaya 42