U-Isaya 42:18-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “Yizwani nina zithulu;bhekani nina zimpumputhe,ukuze nibone.

19. Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami,nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na?Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo,oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?

20. Ubona izinto eziningi,kepha awuqapheli;izindlebe zakhe zivulekile,kepha akezwa.”

21. Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakheukuba akhulise umthetho, awudumise.

22. Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo;bonke bacushiwe emigodini,bafihliwe ematilongweni;bangabokuphangwa,akakho obophulayo,yebo, bayimpango,kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”

23. Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu,aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?

24. Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe,no-Israyeli kubo abaphangi, na?Angithi nguJehova, esonile kuye,nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe,nabangawulalelanga umthetho wakhe?

25. Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe,namandla empi;kwamvuthela nxazonke,kepha akakwazanga;kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.

U-Isaya 42