U-Isaya 42:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. “Sekuyisikhathi eside ngithulile,ngathula ngazibamba;sengiyakukhala njengobelethayo,ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.

15. Ngiyakwenza ize izintaba namagquma,ngomise yonke imifino yawo,ngenze imifula ibe yiziqhingi,ngenze amachibi ukuba ashe.

16. Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo;emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola;ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo,namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe;ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.

17. Bayakubuyiselwa emuva,bajabhe nokujabhalabo abethemba ezithombeni ezibaziweyo,abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi:‘Ningonkulunkulu bethu.’

18. “Yizwani nina zithulu;bhekani nina zimpumputhe,ukuze nibone.

19. Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami,nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na?Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo,oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?

20. Ubona izinto eziningi,kepha awuqapheli;izindlebe zakhe zivulekile,kepha akezwa.”

21. Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakheukuba akhulise umthetho, awudumise.

22. Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo;bonke bacushiwe emigodini,bafihliwe ematilongweni;bangabokuphangwa,akakho obophulayo,yebo, bayimpango,kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”

23. Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu,aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?

U-Isaya 42