5. Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa,yonke inyama ikubone kanyekanye,ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
6. Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!”Ngathi: “Ngiyakumemezani na?”Inyama yonke ingutshani,bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.
7. Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.Impela abantu bangutshani.
8. Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,kepha izwi likaNkulunkulu wethulimi kuze kube phakade.
9. Khuphukela entabeni ende,wena, Siyoni, obika okujabulisayo,uphakamise ngamandla izwi lakho,wena Jerusalema obika okujabulisayo,uliphakamise ungesabi,usho emizini yakwaJuda ukuthi:“Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”
10. Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla;ingalo yayo iyakumbusela;bhekani, umvuzo wayo inawo,inkokhelo yayo iphambi kwayo.
11. Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi,ibuthe amawundlu ngemikhono yayo,iwagone esifubeni sayo,ihole kahle izindlezane.
12. Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe,walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo,wahlanganisa uthuli esilinganisweni,walinganisa izintaba ngezikalo*namagquma ngezisindo, na?
13. Ngubani oqondisile uMoya kaJehova,wamfundisa engumluleki wakhe, na?
14. Walulekana nobani waze wamqondisa,wamfundisa indlela yokwahlulela,wamnika ukwazi,wamazisa indlela yokuqonda, na?
15. Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni,zibalwa njengothuli lwesilinganiso;bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.
16. ILebanoni alanele ukubaswa,nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.
17. Zonke izizwe zinjengento engeluthophambi kwakhe,zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.
18. Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani,nimlinganise namuphi umfanekiso, na?