U-Isaya 30:29-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Niyakuhlabelela njengasebusukulapho kugujwa umkhosi,nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingokuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.

30. UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo,abonakalise ukwehla kwengalo yakhengokuvutha kolaka lwakhe,nangelangabi lomlilo oqothulayo,ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.

31. Ngokuba ngezwi likaJehova i-Asiriyaliyakushaywa luvalo,lapho elishaya ngenduku.

32. Kuyakuthi njalo lapho induku enqunyiweyo idlula,uJehova ayibeka phezu kwalo,kube ngezigubhu nangamahabhu,*alwe nalo ngengalo enikiniweyo.

33. Indawo yokushisela kade yahlelwa,yebo, yalungiselwa nenkosi;uyenze yajula, yaba banzi;igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi,nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule;kuyayokhela.

U-Isaya 30