U-Isaya 29:21-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje,bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni,bachezukisa olungileyo ngento engelutho.

22. Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi:“UJakobe akasayikuba namahloni,nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.

23. Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe,umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe,bayakungcwelisa igama lami,yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe,bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.

24. Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde,nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.”

U-Isaya 29