U-Isaya 27:10-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,nekhaya limukelwe,lishiyiwe njengehlane;ithole liyakuklaba khona,libuthise khona,lidle, liqede amahlamvu awo.

11. Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,kufike abesifazane,baphembe umlilo kuwo,ngokuba bangabantu abangenakuqonda;ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,nowababumbayo akayikuba namusa kubo.

12. Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.

13. Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.

U-Isaya 27