U-Isaya 2:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.

2. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayointaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba,iphakame kunamagquma,nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.

3. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi:“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehovaendlini kaNkulunkulu kaJakobe;uyakusifundisa izindlela zakhe,sihambe emikhondweni yakhe,”ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,nezwi likaJehova eJerusalema.

4. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe,anqume phakathi kwabantu abaningi;bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba,nemikhonto yabo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafunda ukulwa.

5. Wena ndlu kaJakobe,woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.

6. Ngokuba ushiyile abantu bakho,indlu kaJakobe,lokhu begcwele ezasempumalanga,behlola imihlola njengamaFilisti,bexhawulana nabantwana babezizwe.

U-Isaya 2