U-Isaya 2:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.

2. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayointaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba,iphakame kunamagquma,nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.

3. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi:“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehovaendlini kaNkulunkulu kaJakobe;uyakusifundisa izindlela zakhe,sihambe emikhondweni yakhe,”ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,nezwi likaJehova eJerusalema.

4. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe,anqume phakathi kwabantu abaningi;bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba,nemikhonto yabo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafunda ukulwa.

5. Wena ndlu kaJakobe,woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.

6. Ngokuba ushiyile abantu bakho,indlu kaJakobe,lokhu begcwele ezasempumalanga,behlola imihlola njengamaFilisti,bexhawulana nabantwana babezizwe.

7. Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide,akukho ukuphela kwengcebo yabo;izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi,nokuphela kwezinqola akukho.

8. Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe;bakhuleka kokwenziwe yizandla zabonakwekwenzileyo iminwe yabo.

9. Kepha abantu bayakufoliswa,namadoda ayakuthotshiswa;abayikuthethelelwa.

10. Ngena edwaleni, ucashe othuliningokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.

11. Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa,nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola,kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.

U-Isaya 2