U-Isaya 16:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;bonke bayakuklewula.Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomviniezomileyo zaseKhiri Hareshetinidabukile kakhulu.

8. Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunilekanye nomvini waseSibima;amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;amahlumela awo elulwa,awela ulwandle.

9. Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibimanjengokukhala kweJazeri,ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,nawe Elehale,ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakhokuwile ukumemeza kwempi.

10. Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;ngenze ukuba kuphele ukumemeza.

11. Ngalokho inhliziyo yamiiyakhala njengehabhu* ngoMowabi,nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.

12. Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,azikhathaze endaweni ephakemeyo,aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,angaphumeleli.

13. Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.

14. Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”

U-Isaya 16