U-Isaya 16:5-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,kuhlale kuso ngeqinisoetendeni likaDavideumahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

6. Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabiukuthi uphakeme kakhulu,nangokuzidla kwakhenokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhenokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.

7. Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;bonke bayakuklewula.Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomviniezomileyo zaseKhiri Hareshetinidabukile kakhulu.

8. Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunilekanye nomvini waseSibima;amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;amahlumela awo elulwa,awela ulwandle.

9. Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibimanjengokukhala kweJazeri,ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,nawe Elehale,ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakhokuwile ukumemeza kwempi.

U-Isaya 16