11. Ngalokho inhliziyo yamiiyakhala njengehabhu* ngoMowabi,nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.
12. Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,azikhathaze endaweni ephakemeyo,aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,angaphumeleli.
13. Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.
14. Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”