U-Isaya 14:2-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Abantu bayakubathatha,babayise ezindaweni zabo;indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova,babe yizinceku nezincekukazi,babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo,babuse phezu kwabacindezeli babo.

3. Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,

4. uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi:“Yeka ukuphela komcindezelinokugcina kokubhensa!

5. UJehova waphulile udondolo lwababinentonga yababusi

6. eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo,eyabusa izizwe ngolakangokuzingela okunganqandwanga.

7. Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula;baqhumuka ngokuhlabelela.

8. Yebo, nemisayipuresi* ithokoza ngawe,kanye nemisedari* yaseLebanoni, ngokuthi:‘Selokhu walaliswa phansi,akakho umgawuli okhuphukela kithina.’

9. Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiweukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho,ikuvusele izithunzi,zonke izikhulu zomhlaba,isukumise onke amakhosi ezizweezihlalweni zawo zobukhosi.

10. Onke ayakuthatha athi kuwe:Nawe usubuthakathaka njengathi,usufana nathi, na?

11. Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo,umsindo wezingubhu zenu;izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho,nezibungu ziyakusibekela.

12. “Yeka ukuwa kwakho ezulwini,khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa,nokunqunyelwa kwakho phansi,wena owawuthobisa izizwe.

13. Wena wathi enhliziyweni yakho:‘Ngiyakukhuphukela ezulwini,ngiphakamise isihlalo sami sobukhosiphezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu,ngihlale entabeni yomhlanganongasekugcineni kwasenyakatho.

14. Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawoeziphakemeyo zamafu,ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’

15. Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo,ekugcineni komgodi.

U-Isaya 14