1. Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe,abuye amkhethe u-Israyeli,ababeke ezweni lakubo;nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo,banamathele endlini kaJakobe.
2. Abantu bayakubathatha,babayise ezindaweni zabo;indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova,babe yizinceku nezincekukazi,babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo,babuse phezu kwabacindezeli babo.
3. Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,
4. uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi:“Yeka ukuphela komcindezelinokugcina kokubhensa!
5. UJehova waphulile udondolo lwababinentonga yababusi
6. eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo,eyabusa izizwe ngolakangokuzingela okunganqandwanga.
7. Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula;baqhumuka ngokuhlabelela.