U-Isaya 10:9-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. IKalino alinjengeKharikemishi na?IHamati alinjenge-Aripadi na?ISamariya alinjengeDamaseku na?

10. Njengalokhu isandla samisiyitholile imibuso yezithombeezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlulaeyaseJerusalema neyaseSamariya,

11. anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo,njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?’ ”

12. Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.

13. Ngokuba uthi:“Ngamandla esandla sami ngikwenzile,nangokuhlakanipha kwami,ngokuba nginokuqonda;ngisusile imikhawulo yezizwe,ngiphangile ingcebo yazo,njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

14. Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke,nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyongibuthile wonke umhlaba,akwababikho oshaya phiko,novula mlomo, notshiyozayo.”

15. Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na?Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo,njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo,nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?

16. Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthumaukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe,nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisanjengokushisa komlilo.

17. Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo,oNgcwele wakhe abe yilangabi;kuyakushisa kuqede ameva akhenamakhakhasi akhe ngalusuku lunye.

18. Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe,umzimba nomphefumulo,kube njengesiguli esinyamalalayo.

19. Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana,ukuze ibhalwe ngumntwana.

20. Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyelinabasindileyo bendlu kaJakobebangasenciki kobashayileyo,kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.

21. Insali iyakubuya, insali kaJakobe,ibuyele kuNkulunkulu onamandla.

22. Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,bengangesihlabathi solwandle,kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.

U-Isaya 10