U-Isaya 10:4-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,niyakuwa phakathi kwababuleweyo;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.

5. “Wo kulo i-Asiriya,intonga yentukuthelo yami,nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.

6. Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu,ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yamiukuba liphange impango, liqhwage,libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.

7. Nokho akusiwo umqondo walo,inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo,kepha kusenhliziyweni yalo ukuchithanokunquma izizwe ezingeyingcosana.

8. Ngokuba lithi:‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?

9. IKalino alinjengeKharikemishi na?IHamati alinjenge-Aripadi na?ISamariya alinjengeDamaseku na?

10. Njengalokhu isandla samisiyitholile imibuso yezithombeezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlulaeyaseJerusalema neyaseSamariya,

11. anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo,njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?’ ”

12. Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.

13. Ngokuba uthi:“Ngamandla esandla sami ngikwenzile,nangokuhlakanipha kwami,ngokuba nginokuqonda;ngisusile imikhawulo yezizwe,ngiphangile ingcebo yazo,njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

14. Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke,nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyongibuthile wonke umhlaba,akwababikho oshaya phiko,novula mlomo, notshiyozayo.”

15. Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na?Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo,njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo,nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?

16. Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthumaukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe,nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisanjengokushisa komlilo.

17. Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo,oNgcwele wakhe abe yilangabi;kuyakushisa kuqede ameva akhenamakhakhasi akhe ngalusuku lunye.

U-Isaya 10