13. “Makwazeke enkosini, kalokhu, ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange, abayikuthela intela, nenkokhiso, nemali yendlela, okuyakulimaza amakhosi ekugcineni.
14. Njengokuba manje sidla usawoti wendlu yenkosi, kungasifanele ukuba sibone ihlazo lenkosi, ngalokho sithumele sayazisa inkosi
15. ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lo muzi wachithwa.
16. Siyazisa inkosi ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange zawo, ngalokho awusayikuba nasiqephu phesheya koMfula.”*
17. Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula* yokuthi:“Ukuthula, nokuthi nokuthi.
18. “Incwadi enayithuma kithina ifundwe kahle phambi kwami.
19. Ngayaleza, kwacingwa, kufumanisekile ukuthi lowo muzi uziphakamisele amakhosi kwasendulo nokuthi ukuhlubuka nokwambuka kwenziwe phakathi kwawo.
20. Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula;* aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.
21. Makuyalezwe ukuba labo bantu bathiywe, ungakhiwa lowo muzi, ngize ngiyaleze mina.
22. Xwayani ukuba ningayekethisi kulokho; kungase kwande ukonakala, kulimaze amakhosi, na?”
23. Lapho impinda yencwadi yenkosi u-Aritahishashita isifundiwe phambi kwawoRehumi noShimshayi umbhali nabangane babo, bashesha baya eJerusalema kubaJuda, babathiya ngezikhwepha nangamandla.