4. Yebo, kuwena, nakubantu bakho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.’ ”
5. UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’ ”
6. U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.
7. Izanusi zenze njalo ngemilingo yazo, zenyusela amasele ezweni laseGibithe.
8. Khona uFaro wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngizakuvumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.”
9. UMose wathi kuFaro: “Ziphakamise phezu kwami, usho ukuthi ngizakukuncengela ngasiphi isikhathi wena nezinceku zakho, nabantu bakho ukuba achithwe amasele kuwe nasezindlini zakho, asale emfuleni kuphela.”
10. Wayesethi: “Ngomuso.”Wathi: “Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.
11. Amasele ayakusuka kuwe, nasezindlini zakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho, asale emfuleni kuphela.”
12. OMose no-Aroni baphuma kuFaro; uMose wakhala kuJehova ngamasele ayewalethile kuFaro.
13. UJehova wenza njengezwi likaMose; amasele afa ezindlini, nasemagcekeni, nasemasimini.
14. Bawabuthela izinqwaba ngezinqwaba, izwe lanuka.
15. Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
16. UJehova wayesethi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula induku yakho, ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.’ ”
17. Benze njalo-ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngominyane kubantu nasezinkomeni; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngominyane ezweni lonke laseGibithe.
18. Nezanusi zenze njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha zahluleka. Omiyane babe khona kubantu nasezinkomeni.
19. Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
20. UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.
21. Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.