Benze njalo-ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngominyane kubantu nasezinkomeni; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngominyane ezweni lonke laseGibithe.