U-Eksodusi 21:27-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe, wosikhulula ngenxa yezinyo laso.

28. “Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe, inkabi yokhandwa ngamatshe impela, inyama yayo ingadliwa; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.

29. Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.

30. Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo, uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe.

31. Noma iqhubukusha indodana noma iqhubukusha indodakazi, makwenziwe kuye njengaleso sahlulelo.

32. Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi, uyakunika inkosi yaso amashekeli* angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.

33. “Uma umuntu evula umgodi, noma emba umgodi engawusibekeli, kukhalakathele kuwo inkabi noma imbongolo,

34. umninimgodi uyakukhokha, amnike umniniyo imali, efileyo ibe ngeyakhe.

35. “Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife, bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi.

36. Kodwa uma kwaziwa ukuthi inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, umniniyo engayigcinanga kodwa, uyakuyikhokha nokuyikhokha inkabi ngenkabi, efileyo ibe ngeyakhe.

U-Eksodusi 21