Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.