14. Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.
15. “Oshaya uyise nonina wobulawa nokubulawa.
16. “Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.
17. “Othuka uyise nonina wobulawa nokubulawa.
18. “Nxa abantu belwa, omunye ashaye omunye ngetshe noma ngenqindi yakhe, angafi kepha alale embhedeni,
19. khona-ke, uma elulama, ahambahambe phandle ngenduku yakhe, owamshayayo uyakuyekelwa, amkhokhele nokho isikhathi sakhe esaphukileyo, elashwe nokwelashwa.
20. “Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.
21. Kepha uma sihlala usuku lube lunye noma zibe zimbili, akayikujeziswa, ngokuba siyimali yakhe.
22. “Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.
23. Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila:
24. iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,
25. ukushiswa ngokushiswa, inxeba ngenxeba, umvimbo ngomvimbo.
26. “Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe, alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso.
27. Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe, wosikhulula ngenxa yezinyo laso.
28. “Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe, inkabi yokhandwa ngamatshe impela, inyama yayo ingadliwa; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.
29. Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.
30. Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo, uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe.