22. Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.”
23. UMose wathi kuJehova: “Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi, ngokuba usiyalisisile, wathi: ‘Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.’ ”
24. Wayesethi uJehova kuye: “Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke, wena no-Aroni enawe; kepha abapristi nabantu mabangafohli, bakhuphukele kuJehova, funa abadumele.”
25. UMose wayesehla, waya kubantu, wabatshela.