1. Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi.
2. Sebesukile eRefidimi, befike ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wahlala khona phambi kwentaba.
3. UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: “Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi:
4. ‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.
5. Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,
6. nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”
7. UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawo mazwi uJehova amyale ngawo.
8. Bonke abantu baphendula kanyekanye, bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu.
9. UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose walandisa uJehova amazwi abantu.
10. UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,
11. babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.
12. Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: ‘Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;
13. makangaphathwa ngesandla, kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo; noma kuyinkomo noma kungumuntu, akuyikuphila.’ Nxa icilongo likhala linganqamuki, bayakukhuphukela entabeni.”
14. UMose wehla entabeni, wabuyela kubantu, wabangcwelisa abantu; bahlanza-ke izingubo zabo.
15. Wayesethi kubantu: “Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.”
16. Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.
17. UMose wayesebakhipha abantu ekamu* ukuba bahlangane noNkulunkulu; bema phansi kwentaba.
18. Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.
19. Kwathi izwi lecilongo lalilokhu lizwakala kakhulu kunakuqala; uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.
20. UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.
21. UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.
22. Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.”
23. UMose wathi kuJehova: “Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi, ngokuba usiyalisisile, wathi: ‘Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.’ ”
24. Wayesethi uJehova kuye: “Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke, wena no-Aroni enawe; kepha abapristi nabantu mabangafohli, bakhuphukele kuJehova, funa abadumele.”
25. UMose wayesehla, waya kubantu, wabatshela.