11. babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.
12. Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: ‘Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;
13. makangaphathwa ngesandla, kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo; noma kuyinkomo noma kungumuntu, akuyikuphila.’ Nxa icilongo likhala linganqamuki, bayakukhuphukela entabeni.”