U-Amose 9:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi:“Shaya izihloko zezinsika,ukuze imigulugulu izamazame,uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke;abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba;obalekayo kubo akayikubaleka,nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.

2. Noma befohla endaweni yabafileyo,isandla sami siyakubakhipha khona;noma bekhuphukela ezulwini,ngiyakubehlisa khona.

3. Noma becasha esiqongweni saseKarmeli,ngiyakubafunisisa,ngibakhiphe khona;nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle,ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.

4. Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo,ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale,ngibeke amehlo ami kubokube kubi, kungabi kuhle.”

5. INkosi uNkulunkulu Sebawotiyiyo ethinta umhlaba, uncibilike,bakhale bonke abakhileyo kuwo;uyakukhukhumala wonke njengeNayile,ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

6. yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,isekele igobela lawo emhlabeni;yiyona ewabizayo amanzi olwandle,iwathululele ebusweni bomhlaba;nguJehova igama layo.

U-Amose 9