U-Amose 9:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi:“Shaya izihloko zezinsika,ukuze imigulugulu izamazame,uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke;abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba;obalekayo kubo akayikubaleka,nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.

2. Noma befohla endaweni yabafileyo,isandla sami siyakubakhipha khona;noma bekhuphukela ezulwini,ngiyakubehlisa khona.

3. Noma becasha esiqongweni saseKarmeli,ngiyakubafunisisa,ngibakhiphe khona;nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle,ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.

4. Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo,ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale,ngibeke amehlo ami kubokube kubi, kungabi kuhle.”

5. INkosi uNkulunkulu Sebawotiyiyo ethinta umhlaba, uncibilike,bakhale bonke abakhileyo kuwo;uyakukhukhumala wonke njengeNayile,ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

6. yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,isekele igobela lawo emhlabeni;yiyona ewabizayo amanzi olwandle,iwathululele ebusweni bomhlaba;nguJehova igama layo.

7. “Aninjengabantwana bakwaKushe kimi,nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.“Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe,namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”

8. “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo;ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba,ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.

9. “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza,ngizulazulise indlu yakwa-Israyeliphakathi kwabo bonke abezizwe,njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo,kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

10. Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba,zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”

11. “Ngalolo sukungiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo,ngivale imifantu yalo;ngiyakumisa izihlephu zalo,ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,

12. ukuze badle ifa lensali yakwa-Edominelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,”usho uJehova okwenza lokhu.

U-Amose 9