2. Yathi: “Amose, ubonani na?”Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.”Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.
3. “Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”
4. Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu,nenichitha abaswelayo bezwe,
5. nithi:“Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyangaukuba sithengise ngamabele,nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni,senze i-efa* libe lincane,senze ishekeli* libe likhulu,senze izilinganiso ukuba zikhohlise,
6. ukuze sithenge abampofu ngesilivanabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo,sithengise ngamahlunge kakolweni.”
7. UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.
8. “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho,balile bonke abakhileyo kuwo, na?Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile,unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.