U-Amose 8:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.

2. Yathi: “Amose, ubonani na?”Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.”Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.

3. “Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”

4. Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu,nenichitha abaswelayo bezwe,

5. nithi:“Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyangaukuba sithengise ngamabele,nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni,senze i-efa* libe lincane,senze ishekeli* libe likhulu,senze izilinganiso ukuba zikhohlise,

6. ukuze sithenge abampofu ngesilivanabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo,sithengise ngamahlunge kakolweni.”

7. UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.

U-Amose 8