1. INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.
2. Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”
3. UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.
4. Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.
5. Ngase ngithi: “Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”
6. UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” isho iNkosi uJehova.
7. Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.
8. UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?”Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.”Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.
9. “Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa,nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa,ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”