16. Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi:“Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala,nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi:‘Maye, maye!’babize umlimi ukuba akhale,nabaziyo izililo ukuba balile;
17. nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala,ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.
18. Wo kinina enifisa usuku lukaJehova!Luyakunisizani usuku lukaJehova?Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.
19. Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama,kuhlangane naye ibhere,*noma engena endliniencike ngesandla odongeni,alunywe yinyoka.
20. Lungubumyama usuku lukaJehova,alusikho ukukhanya,nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.
21. “Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu,angenameli imihlangano yenu.
22. Noma ninikela kimi ngeminikelo yenuyokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu,angiyenameli, futhi angibhekiiminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.
23. Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho,angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.
24. Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.
25. “Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlaneiminyaka engamashumi amane, nina ndlu ka-Israyeli, na?
26. Seniyakuthwala uSakuti inkosi yenunoKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu,izithombe zenu enizenzele zona.
27. Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,”usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.