12. Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu zininginokuthi izono zenu zinkulu,nina enicindezela abalungileyo,namukela umvuzo,nenichezukisa abampofu esangweni.
13. Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi,ngokuba kuyisikhathi esibi lesi.
14. Funani okuhle, hhayi okubi,ukuze niphile,abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,njengalokhu nisho.
15. Zondani okubi, nithande okuhle,nimise ukwahlulela esangweni;mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusakuyo insali yakwaJosefa.
16. Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi:“Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala,nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi:‘Maye, maye!’babize umlimi ukuba akhale,nabaziyo izililo ukuba balile;
17. nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala,ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.
18. Wo kinina enifisa usuku lukaJehova!Luyakunisizani usuku lukaJehova?Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.
19. Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama,kuhlangane naye ibhere,*noma engena endliniencike ngesandla odongeni,alunywe yinyoka.
20. Lungubumyama usuku lukaJehova,alusikho ukukhanya,nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.
21. “Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu,angenameli imihlangano yenu.