8. Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu,yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi,kodwa ayaneliswanga;kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.
9. “Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha;izivande zenu, nezivini zenu,nemikhiwane yenu,neminqumo yenu eminingikwadliwa yisibotho,kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.
10. “Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe,ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba,ngathumba amahhashi enu,ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenukukhuphukele nasemakhaleni enu,kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.
11. “Nganichitha njengalokhouNkulunkulu achitha iSodoma neGomora;naninjengesikhuni esophulwe emlilweni,kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.
12. “Ngalokho ngiyakwenze njalo kuwe Israyeli;njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe,zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”
13. Ngokuba bheka, owabumba izintaba,nowawudala umoya,otshela umuntu umqondo wakhe,owenza ukusa kube ngubumnyama,onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,igama lakhe linguJehova,uNkulunkulu Sebawoti.