U-Amose 3:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ingonyama ibhongile,ngubani ongayikwesaba na?INkosi uJehova ikhulumile,ngubani ongayikuprofetha na?

9. Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,nokucindezelwa okukulo.”

10. “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”

11. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“Isitha siyakulihaqa izwe,sehlise kini izinqaba zenu,ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”

12. Usho kanje uJehova, uthi:“Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyamaimilenze emibili noma inxenye yendlebe,kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa,abahlala eSamariya ezingosini zezihlalonaphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”

13. “Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.

U-Amose 3