7. Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
8. Ingonyama ibhongile,ngubani ongayikwesaba na?INkosi uJehova ikhulumile,ngubani ongayikuprofetha na?
9. Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,nokucindezelwa okukulo.”
10. “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”
11. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“Isitha siyakulihaqa izwe,sehlise kini izinqaba zenu,ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”
12. Usho kanje uJehova, uthi:“Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyamaimilenze emibili noma inxenye yendlebe,kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa,abahlala eSamariya ezingosini zezihlalonaphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”
13. “Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.
14. “Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyelingeziphambeko zakhe,ngiyakuhambela nama-altare aseBethele,kunqunywe izimpondo ze-altare,ziwe phansi.